Skip to main content Accessibility help
×
Hostname: page-component-745bb68f8f-l4dxg Total loading time: 0 Render date: 2025-01-12T04:16:54.756Z Has data issue: false hasContentIssue false

7 - Woza Nonjinjikazi!

Published online by Cambridge University Press:  01 September 2022

B. W. Vilakazi
Affiliation:
University of the Witwatersrand, Johannesburg
Get access

Summary

Woza wena Nonjinjikazi!

Woza mshikishi wendlela,

Wen’ olunyawo lumbaxambili,

Lwalukwe zisinga zensimbi

Zikhwela, zeqana, zehlana

Phansi naphezu kwamathafa;

Wen’ owathath’ obabamkhulu

Wababhungula nakalokhu;

Sathi sibabuza waziba,

Washushubeza ngejubane

Sengath’ uvalwe nezindlebe,

Utshobele unotshobela.

Waleth’ izihubahubane

Zazovukuz’ umhlaba wethu,

Kunamhla sibon’ amagquma

Amhlophe njengezihlabathi

Zemisinga yamanz’ olwandle.

Bheka nakhu ngihlezi phansi

Kwexhib’ abaphumula kulo

Okade ubaginge bezwa.

Ngibuka ngasempumalanga

Lapho kusuka izikhatha

Zentuthu nothul’ olumhlophe,

Ziqubuka zisho phezulu.

Kumnandi ukuba sendaweni

Enjengalena laph’ ilanga

Seliyoshona liyinhlamvu

Yomlil’ obomv’ ukhanya

Kwanga uvivi lokusa.

Ngiyalibona leli langa

Eliphelezelwa ngamafu

Akhanyis’ okwensimb’ ebomvu

Ivutha phakathi kwelahle –

Linendingilizi yomqhele

Ocwebezelis’ okwegoli

Lawo babamkhul’ e-Afrika.

Shona langa lemihla yonke,

Wen’ owanqab’ ukukhanyisa

Kithina sizwe sikaMnyama

Imfihlo yomtapo wegoli

Engilibona licebisa

Izizwe nezinxa zomhlaba.

Thina bakaMnyama sibuka

Sikhex’ izindeb’ ezinkulu.

Sondela sikhathi somnyama!

Nakho sengizwa namagekle

Akhalis’ okotokoloshe

Becwil’ emanzin’ oThukela.

Ngizw’ abaVenda nabaTshopi

Behay’ amahubo

Okuchwensa kwezithandani

Ziklabile njengezimazi

Ezimalunga nezimpemvu

Ezinkangala ze-Afrika.

Ngiyezwa kuduma naphansi,

Izinyawo zisikaz’ ize,

Zingikhumbuz’ oMameyiguda

Ngasezigcawini zeTheku.

Ngiyezw’ amahub’ ahlukile

Kwawezizwe zaseMfolozi.

Suka wena Nonjinjikazi!

Mus’ ukusondela masinya,

Ngisathathekile manjena.

Sengathi ngabe ngicashile

Phakathi kwamahlang’ akithi

Agcwel’ ummbila namathanga,

Ngingenakuthikamezeka

Yilezi zixuku zabantu

Ezidlula zixokozela.

Ngizibon’ ilanga liphuma,

Ngazibon’ ilanga lishona.

Kobamnyama kuse zidlula.

Type
Chapter
Information
Inkondlo kaZulu , pp. 29 - 32
Publisher: Wits University Press
Print publication year: 2021

Access options

Get access to the full version of this content by using one of the access options below. (Log in options will check for institutional or personal access. Content may require purchase if you do not have access.)

Save book to Kindle

To save this book to your Kindle, first ensure [email protected] is added to your Approved Personal Document E-mail List under your Personal Document Settings on the Manage Your Content and Devices page of your Amazon account. Then enter the ‘name’ part of your Kindle email address below. Find out more about saving to your Kindle.

Note you can select to save to either the @free.kindle.com or @kindle.com variations. ‘@free.kindle.com’ emails are free but can only be saved to your device when it is connected to wi-fi. ‘@kindle.com’ emails can be delivered even when you are not connected to wi-fi, but note that service fees apply.

Find out more about the Kindle Personal Document Service.

Available formats
×

Save book to Dropbox

To save content items to your account, please confirm that you agree to abide by our usage policies. If this is the first time you use this feature, you will be asked to authorise Cambridge Core to connect with your account. Find out more about saving content to Dropbox.

Available formats
×

Save book to Google Drive

To save content items to your account, please confirm that you agree to abide by our usage policies. If this is the first time you use this feature, you will be asked to authorise Cambridge Core to connect with your account. Find out more about saving content to Google Drive.

Available formats
×