Published online by Cambridge University Press: 01 September 2022
“Phambili maqhaw’ amakhulu!
Neno Mantantashiya!
Sondela kimi mnewethu!
Khona ziGqoza zagqolozela!
Akusekude, kubudebuduze!”
Kwash’ uMbuyazi weziGqoza
Epheth’ unhlekwane wakhe,
Ekhomba phambil’ othulini.
Luthuli lwabhek’ ezulwini,
Ngacikic’ amehlo ngibheka,
Ngabuka kwehl’ izinyembezi.
“Phambili maqhaw’ amakhulu!
Ngizwe Mantantashiya!
Isihlangu sami siyangisinda.
Sibhek’ ingabe yiso ngempela.
Ngiyashoshozela ngoManembe
Onik’ uCetshway’ amazembe,
Kant’ ubab’ ungibekile,
Wangethwes’ ubukhos’ ekhanda.”
Ngibukile futhi ngema,
Ngagem’ esiyaluyalwini,
Kwamenyezel’ umkhonto.
“Phambili maqhaw’ amakhulu!
Ngizwa kufudumal’ igazi,
Izigi zezitha ziza kimi.
Woza Mantantashiya,
Uzobhek’ ihlombe lami,
Nami ngibhek’ umhlane wakho.
Uyahlab’ uguquk’ ukhasa,
Nami ngivuk’ uvuka nensizwa.”
Kwathi klebhu, kwathi mbo,
Omunye wakhala ngenkomo yakhe,
Omunye wadliwa wagilwa.
“Phambili maqhaw’ amakhulu!
Nant’ uThukel’ ezansi
Lugcwel’ amagagasi
Angang’ oninakhulu;
Lusiphul’ izindwani,
Lukhukhula nezigodo.
Kodwa lungakhukhul’ iziGqoza na?
Ngeke, Ndlov’ enesihlonti, ngeke!”
Wezw’ ushibedabe, sabanikwa,
Wezw’ ubabaleka, phansi phansi.
Kwaqethuka izishaqaba nemishibe.
Ngaguquka ngabhek’ inkundla,
Inkundla yonke yaseNdondakusuka,
Ngafikelwa yisiyezi nomnyama.
Ngawuqalaza wonk’ umphakathi,
Ngawubon’ ugway’ ungayekethisi,
Kodwa phezulu kwezicoco zawo
Kuhlel’ ifu lizonzobele,
Liqung’ ubumnyama nokufa.
Ngalikhwifa ngilikhomba
Ngonhlekwane kababamkhulu,
Ngabona lithi damu, ngabonga.
Yebo, ngiyambon’ uManembe,
Ngimbon’ eguqe phezu kwesihlangu.
Leso sihlangu ngiyasikhumbula.
Ngake ngabona kucamele kuso
Itakas’ elinjengebhoyi.
Nawe Manembe usihlomulile,
Wasithumb’ ezintingweni zelawu,
Wasiloyel’ uCetshwayo.
Uyiyengile yayengeka,
Wayidonsel’ oPhathe
Lapho kundonda khon’ amadoda.
Wazibalekel’ izinkangala
Lapho kukhula khon’ izinqawe.
Umdonsil’ umntanenkos’ oThukela,
Wamndondis’ ukusuka,
Wamlutha ngamakhubal’ amnyama.
Umlethil’ emachibin’ ezindlovu
Ezithath’ abantabakaNanana
KaSelesel’ owakh’ endleleni,
Ebhidle ngabomu ngokwethemba,
Ethemb’ ubungqamungqosho.
Umlethil’ eziweni zaseDlokweni,
Kwacwila bheshu kwacwila sicoco,
Kwandiz’ amanqe phezulu.
Ngaphakath’ eNdondakusuka
Namhla kundiz’ ufasimba
Olwelek’ indawo ngenkungu
Eqithika phansi naphezulu
Kukhal’ imicu yotshani.
Nezindwani zezimbali
Ebezithi ziqhakaz’ ubuhle,
Ziyayetha ziphel’ amandla.
Kuhelez’ umoya phezulu
Uhashaza unginik’ isizungu,
Ngibone nemith’ ishayana ngamakhanda
Kuhebez’ amaqabunga namagatsh’ ayo.
Konke kuyafuna, kumangele,
Kuyanukan’ okunye nokunye
Ngethambo likaMbuyazi.
Akekh’ ovumayo, kuyaphika konke.
Nemithin’ emanzini
Nezingweny’ uqobo lwazo,
Ngiyile ngazibuza ngomlomo,
Zangibheluzela zakhamisa.
Ngakhuzwa nayizinhlansi,
Zangikhalel’ ezimaconsi.
Ngabuya ngisong’ izandla,
Ngaququd’ amazinyo ngahlala.
Ngiqwashile phakathi kobusuku,
Ngalunguza ngezimbobo zomhlanga,
Ngabon’ indingilizi kaNyezi.
Ngaphakathi kwayo ngabon’ umfazi
Ethwel’ inyanda yezinkuni.
Naye ngambuza, wanek’ izandla,
Wangikhomba phambili kwaMthala.
Nakhona ngafika ngabon’ oZinkanyezi.
Wangibuz’ obukayo ngigcugca,
Wangibuz’ isibind’ esingaka,
Ngaphendula ngakweq’ amehlo.
Wangiphulul’ emhlane,
Ngezwa kumil’ amaphuzuphuzu.
Ngelul’ iminwe ngaphuthaza,
Ngezw’ umqondo wam’ uhlaziya,
Ngaqond’ engingazange ngikwazi.
Ngezw’ emahlomb’ ami
Izimpundu zamaphiko zimilile.
Ngezwa ngisukwa ugqozi
Lokundizel’ emoyen’ emafini.
To save this book to your Kindle, first ensure [email protected] is added to your Approved Personal Document E-mail List under your Personal Document Settings on the Manage Your Content and Devices page of your Amazon account. Then enter the ‘name’ part of your Kindle email address below. Find out more about saving to your Kindle.
Note you can select to save to either the @free.kindle.com or @kindle.com variations. ‘@free.kindle.com’ emails are free but can only be saved to your device when it is connected to wi-fi. ‘@kindle.com’ emails can be delivered even when you are not connected to wi-fi, but note that service fees apply.
Find out more about the Kindle Personal Document Service.
To save content items to your account, please confirm that you agree to abide by our usage policies. If this is the first time you use this feature, you will be asked to authorise Cambridge Core to connect with your account. Find out more about saving content to Dropbox.
To save content items to your account, please confirm that you agree to abide by our usage policies. If this is the first time you use this feature, you will be asked to authorise Cambridge Core to connect with your account. Find out more about saving content to Google Drive.