Skip to main content Accessibility help
×
Hostname: page-component-745bb68f8f-hvd4g Total loading time: 0 Render date: 2025-01-25T19:31:14.919Z Has data issue: false hasContentIssue false

16 - Imifula Yomhlaba

Published online by Cambridge University Press:  01 September 2022

B. W. Vilakazi
Affiliation:
University of the Witwatersrand, Johannesburg
Get access

Summary

Nans’ imifula ngiyibona

Ihlakalele phambi kwami,

Inezinyawo njengabantu,

Ishay’ uhel’ ibhek’ olwandle.

Ngiyayibuka ngiyihlola

Ukugwegwesa nokuqonda

Kway’ ihamb’ ingemi ndawo.

Ngiyihlolil’ ekujuleni,

Ngazimelela ngodondolo

Olud’ olubazwe ngenduku,

Ngayizwa laph’ ingasashoni,

Sekuqhamuk’ isihlabathi.

Kodwana mina nginowami

Owangivelela ngiqala

Ukuphum’ emzini kababa,

Ngiyozakhel’ umuzi wami.

Lo mful’ ungilandel’ iphupho

Elingifikela ngilele,

Lingihlebele onk’ amashwa,

Lingixoxele namaphutha,

Lingiholel’ ezithebeni

Zezinambathi namabele,

Linginik’ umkhonto wokufa

Engiwuphonsa ungabuyi.

Ngiwuphonsa kubahlakazi

Bophahla lwendlu yamathongo,

AwoMakhwatha namaGovu.

KwaNdongaziyadum’ eGoli

Bangene bezinyikinyela,

Kanti sebengen’ ogageni.

Bahambe bethi bayaphila,

Kanti sekuhamb’ imimoya;

Bawe ngokuwa bangavuki.

Ngiwubone lo mful’ uhamba

Ubawahlela ngegagasi

Lomnyam’ abazithele ngawo.

La ngiqabuk’ ebuthongweni,

Nginyathela phezu kwekhanda

Labendl’ echamisel’ izitha,

Ngikhul’ amaphik’ anamandla,

Ngizizwe ngifana nokhozi,

Sengindize ngabon’ uMvoti

Oza neHlimbithw’ eMthandeni,

Unqum’ uQwab’ eMakhovane

Laph’ uBhambatha kaMancinza

Wawuncel’ amanzi ngobhaqa,

Washaya wacashel’ umLungu,

Waye wabanjwa phans’ eNkandla.

Ngithe ngikulandel’ olwandle

Ngakhangw’ amanzi adungekile.

Ngawaland’ umkhondo ngafika

Ngabon’ amakhand’ amadoda

Ekhanden’ okwesivivane.

Ngaguqa ngedolo ngabuka;

Ngabe ngiyathe kwathi khuhle.

Ngaqalaz’ umphansi nomzansi,

Kodw’ iso labon’ ithantala

Lamanz’ aluhlaza ehuba,

Nezwe lifukum’ amahlathi

Amnyam’ acinen’ ugagane.

Ngase nginqamanq’ uThukela

Olungawelwa ngazinyawo,

Luwelwa ngekhanda lendoda.

Kulo kwacwil’ amankengane

Amhloph’ avel’ eNtshonalanga

Enezintshebe nemihanga.

Kwacwil’ amnyama namabheshu,

Kwasal’ izinjob’ emsingeni,

Zatholwa zileng’ emhlangeni.

Sazikhomba ngeminwe zonke,

Kanti-k’ uLangalibalele

NoZwide wasemaNdwandweni.

Ngikhuphuke ngamanz’ omfula,

Ngezwa kusinw’ eNingizimu,

Ngezwa ngoShaka kwaDukuza,

Ngezwa ngoShak’ uMlambongwenya,

Ngambukel’ ekwaBulawayo,

Namanz’ oThukel’ abukela.

Ngabhek’ eNyakath’ oPhongolo,

Lwafike lwangiphic’ ikhanda

Ngokugobhoz’ eNtshonalanga.

Ngem’ eziqongwen’ oBombo,

Ngaphezu kwaseMdedeleku,

Ngakhangwa yiSangqu ezansi.

Naso sibhek’ eNtshonalanga,

Siwelwa pheshey’ izindlovu

Ezigitshelwa ngamaLawu

Nezizwan’ ezikhath’ ibovu.

Ngicashe ngemigwenya ngema

Laph’ othekwane bezibuka

Bengaphazanyiswa yilutho.

Ngabon’ izigqimbazanyana

Zipheth’ ulim’ oluyimpithi,

Zangicashela zatshobela

Emigedeni phansi kwewa,

Ngakhwel’ emthini ngaphumula.

Lingibuyele futh’ iphupho,

Langinyenyezel’ endlebeni,

Langenyula phansi kwengubo,

Langikhombisa oLithiwa

Behalazela phezu kwezwe

Bebeleth’ isizukulwane

Sezizwe zonke zikaMhlophe,

Zigeza ngamanz’ eSangqu,

Ziphaqul’ izinsila zazo.

Safika thina bakaMnyama,

Sawuthatha wonke lo mnyama,

Wakhungela phezu kwekhanda.

Yonke le miful’ iyanyelela,

Idlul’ amanxiw’ amadala.

Nezife namasim’ ommbila

Asaz’ aphenduk’ amafusi.

Nezimvula zamb’ amageba;

Kulezo ndawo sekwakhula

Imbuya nezinhlomantethe.

Noma kunjalo le mifula

Iyanyonyoba ngezindlela

Ezigandaywe ngehlabathi

Elihuluka liy’ olwandle,

Lingene lingephind’ emuva.

Yimiful’ emikhulu lena,

UThukela nal’ uPhongolo.

NoMzimkhul’ ufulathelene

NeSangqu sigobhozela

NgaseThalant’ eNtshonalanga.

Kinina mifula ngibone

Amanz’ eklwel’ ephendl’ igazi.

Ngabuka ngancinciz’ ikhanda;

Ngabuka imifanekiso

Yawobabamkhulu befa

Bemanangananga yinhlamvu,

Bengomothel’ emahawini.

Type
Chapter
Information
Amal’ezulu , pp. 43 - 54
Publisher: Wits University Press
Print publication year: 2021

Access options

Get access to the full version of this content by using one of the access options below. (Log in options will check for institutional or personal access. Content may require purchase if you do not have access.)

Save book to Kindle

To save this book to your Kindle, first ensure [email protected] is added to your Approved Personal Document E-mail List under your Personal Document Settings on the Manage Your Content and Devices page of your Amazon account. Then enter the ‘name’ part of your Kindle email address below. Find out more about saving to your Kindle.

Note you can select to save to either the @free.kindle.com or @kindle.com variations. ‘@free.kindle.com’ emails are free but can only be saved to your device when it is connected to wi-fi. ‘@kindle.com’ emails can be delivered even when you are not connected to wi-fi, but note that service fees apply.

Find out more about the Kindle Personal Document Service.

Available formats
×

Save book to Dropbox

To save content items to your account, please confirm that you agree to abide by our usage policies. If this is the first time you use this feature, you will be asked to authorise Cambridge Core to connect with your account. Find out more about saving content to Dropbox.

Available formats
×

Save book to Google Drive

To save content items to your account, please confirm that you agree to abide by our usage policies. If this is the first time you use this feature, you will be asked to authorise Cambridge Core to connect with your account. Find out more about saving content to Google Drive.

Available formats
×