Published online by Cambridge University Press: 01 September 2022
Uma ngibheda ngangicabanga
Ngithi ngiyothol’ ukujabula
Uma ngigogodana nencwadi,
Ngiqaq’ amafind’ abhaliweyo,
Ngiwachaza njengoba ngibona.
Namhla ngizwa kuqaqamb’ ikhanda.
Sengachith’ isikhath’ esiningi
Ngiphendulana namaqabunga
Ezincwad’ ezibhalwe ngumLungu,
Ngihlezi ngedw’ ubusuku bonke,
Kuze kucish’ ukuphum’ ilanga.
Namhla ngiqaqanjelwa ngamehlo.
Ngavakash’ izimbong’ ezimnyama
Zihay’ imiqondo yamakhosi,
Nezinye zibong’ utshwal’ emsamo.
Ngafak’ ukuhlakanipha kwazo,
Ngakudiya nokwezabamhlophe,
Namhla zixaben’ ekhanda lami.
Ongaqondi lutho ngalezi zinto,
Nozilalel’ ubusuku bonke
Engafundi lutho kuze kuse,
Engamaz’ uSiza noSisero,
NoShaka noNgqika noMshweshwe,
Namhl’ uyathokoza ngenhliziyo.
Esakhula nabo bangafunda,
Ngihlangana nabo bangeyise.
Ngithi lapho ngishay’ unobhanqa,
Bona baqhamuke ngezimoto,
Bathuquz’ uthuli bangishiye.
Namhla banjengamakhos’ omhlaba.
Ngibe ngisathe nginokuyeka,
Ngicosh’ imvuthuluk’ esemikhondweni
Yawontanga yeth’ abami kahle,
Ngifumane ngisakhulekiwe
Yizona zisinga zokufunda.
Ubumina buyangigqilaza.
Namhla ngicabanga ngesikhathi
Lapho sesigugile saphela,
Ngiphuthaz’ ezikhwameni zami,
Ngizwa ziqhubushile izincwadi,
Zingilandela noma ngiyaphi.
Ake ngibon’ ukuthi zithini!
Ngibon’ amagam’ esizwe sonke.
Amehl’ amadloz’ angibhekile;
Amathong’ abeke nezihlangu,
Alalele ngaphansi komhlaba,
Athi mangingene ngikhothiswe
Ukhamba ngoba ngingakhohlwanga.
Ngikhothe ngadla ngabek’ ethala,
Ngibekel’ usapho lwakwaZulu,
Lusale lukhoth’ ezincwadini,
Luxabane lodwa luchazana
Nezint’ engazibhala ebusuku,
Ngingazange ngizisukele ngibhale,
Ngibeleselwe yinina mathong’ ohlanga,
Ningixabanis’ ingqond’ ebusuku.
Kuleyo nkathi ngiyobe sengafa.
To save this book to your Kindle, first ensure [email protected] is added to your Approved Personal Document E-mail List under your Personal Document Settings on the Manage Your Content and Devices page of your Amazon account. Then enter the ‘name’ part of your Kindle email address below. Find out more about saving to your Kindle.
Note you can select to save to either the @free.kindle.com or @kindle.com variations. ‘@free.kindle.com’ emails are free but can only be saved to your device when it is connected to wi-fi. ‘@kindle.com’ emails can be delivered even when you are not connected to wi-fi, but note that service fees apply.
Find out more about the Kindle Personal Document Service.
To save content items to your account, please confirm that you agree to abide by our usage policies. If this is the first time you use this feature, you will be asked to authorise Cambridge Core to connect with your account. Find out more about saving content to Dropbox.
To save content items to your account, please confirm that you agree to abide by our usage policies. If this is the first time you use this feature, you will be asked to authorise Cambridge Core to connect with your account. Find out more about saving content to Google Drive.