Published online by Cambridge University Press: 01 September 2022
Nyanga, muhlekazi womnyama,
Wen’ owaditshaniswa nenyanga!
Yathi yon’ ithwal’ izikhwama,
Yetsheth’ izimpondo nemigodla,
Wena wawenyuk’ uy’ ezulwini.
Wen’ omuhle ebusuku
Laph’ abanye bemathunz’ amzizi,
Uhlangane nabo bakusinde.
Kodwa wena ma uqhamuka,
Kuqin’ amadolo ngihambe.
Ngikubonile ngisekhaya
Ungiphumele phezu kwethantala
Lamanz’ emisinga yolwandle.
Ngama ngaphuthelwa kuhamba,
Ngakhex’ umlomo ngadla ngamehlo.
Obab’ omkhulu bakubon’ uphuma,
Ugqolozela umhlaba kanje,
Uphuphis’ abalel’ ubuthongo,
Ufunz’ izimbongi ngamazwi,
Ziwaqephuze zikhihliz’ amagwebu
Asik’ imizwa yomphefumulo kuphela.
Nami ngifunze Nonyezi,
Nyezi wemingcwi yokusa,
Obuhle bakho buqhamuka
Phezu kwamadamu emifula,
Nasohlazeni lotshani bezintaba.
Wen’ odud’ izithandani
Engizibon’ emizin’ emikhulu
AbeLung’ abayivus’ emathanjeni
Abantwana bakaZulu noXhosa
NomSuthu. Ngithi ma nami ngithi
Ngiyaphuma ngidonswa okudonsa
Umunt’ ophila enozwelo lwemvelo,
Ngithuke ngikhalelwa zinsimbi.
Ngiphakele nami kuleyo ndebe
Ongiphakela kuyo lapho
Ngikhumbul’ ekhaya, ngibon’ amahlathi,
Ngibon’ izigodi ezimbiwa imichachazo,
Ngizwe ukuduma kolwandle,
Ngibon’ ucansi lwamasimu akamoba,
Engiwakhumbula maqede ngibheke
Phezulu, ngikubone uliqand’ elimhlophe,
Ngikhothame. Ngabe ngiyakwanga.
Pho!
To save this book to your Kindle, first ensure [email protected] is added to your Approved Personal Document E-mail List under your Personal Document Settings on the Manage Your Content and Devices page of your Amazon account. Then enter the ‘name’ part of your Kindle email address below. Find out more about saving to your Kindle.
Note you can select to save to either the @free.kindle.com or @kindle.com variations. ‘@free.kindle.com’ emails are free but can only be saved to your device when it is connected to wi-fi. ‘@kindle.com’ emails can be delivered even when you are not connected to wi-fi, but note that service fees apply.
Find out more about the Kindle Personal Document Service.
To save content items to your account, please confirm that you agree to abide by our usage policies. If this is the first time you use this feature, you will be asked to authorise Cambridge Core to connect with your account. Find out more about saving content to Dropbox.
To save content items to your account, please confirm that you agree to abide by our usage policies. If this is the first time you use this feature, you will be asked to authorise Cambridge Core to connect with your account. Find out more about saving content to Google Drive.